Umbuso waseNtshonalanga obambe i-Afrika ngamasende, usizwa yizinja zawo ezimnyama njengami nawe, ufuhlela lokhu abakubiza ngokuthi ngama-Independent Power Producers & Generator connection process ukuphehla ugesi ngelanga, ngemikhumbi ezobe ihamba olwandle kanye nomoya.
Yonke lenqalasizinda akuyona eyethu baNtu base-Afrika, ingeyabo, nokusho ukuthi sizokhokha kakhulu sikhokhela ugesi ngoba u-Eskom uma eshiya phansi ilahle uyobe engasaphehli ugesi yena, kodwa ewuthenga kubo ontabakayikhonjwa laba uZuma akhohlwa ngamagama abo.
Abangakuvezi ke okuyimfihlo nokuyiyona nhloso ephambili ekuvalweni nokusetshenziswa kwelahle ukuzuzisa abaNtu bethu, wukuthi uma u-Eskom eyeke ukuphehla amandla kagesi ngelahle, akusho ukuthi ilahle ngeke lisaphuma phansi.
Bafuna ukulithatha kube ngelabo, njengoba benza ngokuningi okungumcebo ombiwa phansi kuleli, okuntshontshwayo kuphume ezweni kuye emazweni aseNtshonalanga ngokungemthetho wabaNtu base-Afrika.
Ngingabala inuzi(rawuranium), chrome nezinye ezimbiwa phansi eziphuma kuleli lizwe mihla namalanga, abaNtu bakhona nohulumeni obaphethe bengatholi nendibilishi, kuyokwakhiwa imibuso yamankengane, thina sisale sihluphela silwa sodwa nohulumeni esithi ungowethu.
Amazwe amaningi akhona eNtshonalanga anqabile ukusayina izifumelwano okuthiwa ziyimizamo yokwehlisa ukushiselwa komhlaba emkhathini, phecelezi i-global warming, nokuyinganekwane engelona iqiniso ngendlela abayibeka ngayo. Empeleni inhloso yalokhu kusetshenziswa kwe-global warming ukucindezela amazwe asafufusa kwezomnotho ukuze angakwazi ukuzithuthukisa afike ezingeni lalawo ayevele ebacindezele, behlale bengaphezulu kwawo ngaso sonke isikhathi.
Uma ke amanye amazwe enqabile ukusayina, lokhu kunika labo abasitshela ukuthi asiyeke lento ithuba lokuba bathathe lona leli lahle abathi asiliyeke, balithengise ngokuthanda kwabo. Izimayini zelahle zonke zizovalwa, nathi sihlale sazi ukuthi zivaliwe, empeleni zibe zingavaliwe.
Hawu!!! Kuzokwenzeka kanjani lokhu na?
Abantu bonke bazodilizwa,sihlale sazi okumele sikwazi, ekubeni empeleni umsebenzi wokuthatha ilahle uzobe uqhubeka wenzeka, wenziwa yimishini ezobe izilawula nehlakaniphe ukudlula abantu, lokhu abathi phecelezi yi-artificial intelligence.
Umhlaba usungena kwelinye izinga elihlukile lempi abaningi bethu abangayiqondi nabanye okuyobathatha isikhathi ukuba bayiqonde.
Lento, njengazo zonke izinto ezimbi ezilethwe e-Afrika, izoqala la e-South Afrika bese isabalala ne-Afrika yonke kalula. Ukunqotshwa kwe-South Afrika nemizabo yalowo owabe engumeli u-Jacob Zuma yokulwa akhulule umuNtu omnyama, kuyosho ukunqotshwa kwe-Afrika yonke jikelele. Kanjalo nokunqoba, kuyosho ukunqoba nokukhuleka kwe-Afrika ngokugcwele.
AbaNtu base-Afrika bayokhala kusasa, kungasekho ukuthi bakhalela bani ngoba ngesikhathi bevuleka amahlo liyobe selidume ledlula nabo. Isitha somuNtu omnyama uyena uqobo.
Yinde lendlela esiyihambayo.