Enye yezinto ezisilimazayo wukungakwazi ukulalela, ukunaka nokulandelela okusuke kwenzeka emizimbeni yethu. Umzimba uyithempeli nesambatho somoya, umoya lo wena onguwona. Awuwona umzimba wena, umzimba yinto nje yesikhasha ekusiza ekutheni ukwazi ukuphila kulomhlaba okwesikhasha, uxhumane nakho konke okukuwon, uphinde wenze okumele ukwenze ngaphi kokuba udlulele esigabeni esilandelayo sempilo.
Kubalulekile ukunaka izinto ezenzeka emzimbeni, ungazithathi kancane, ngoba zisuke ziphethe umlayezo obalulekile ekukhuliseni umphefumulo oqhwakele kuwona.Uma welapha umzimba, welapha umphefumulo nabo bonke abakini ohamba nabo abaqhwakele kulowo mzimba kanye nawe.
Ezinye zezinto esingazinaki nezibalulekile, yimisindo eyenzeka ezindlebeni zethu. Kwabanye iyafika iphinde ihambe, kanti kwabanye izindlebe zabo zihlale ziduma. Iyehlukana ke imisindo lena, njengoba nemimoya yehlukene:
* Kwabanye kuba wumsindo onswininizayo, ocishe ukhale njengalento ekhala ezindlebeni uma uyohlolwa izindlebe kwadokotela; okwentambo yesigxobo sikathelefoni
* Kwabanye kuba nomsindo oyisidina endlebeni “gqu, gqu, qgu…!!”. Lento ngathi iyangqongoza, kuphinde futhi kuzwakale njengombo engena amanzi aconsayo, nokusuke kutshela wena ukuthi ungumuNtu wasemanzini, uyafuneka emanzini; noma kunezinto zakho ezisemanzini nokumele ngabe usuzilandela.
* Kwabanye kuba wumsindo wamanzi, umfula noma impophoma.
* Kwabanye kuba sengathi uphethe i-two way radio, lokhu esakhula sithi u-ova. Uzwe impela kushintsha iziteshi ngale, kunabaNtu abakhulumayo, noma abafuna ukukhuluma, abanye bekhulume bekhulumela kude, ungabezwa ukuthi bathini.
Uma lezi zinto zenzeka kuwe, yebo ngisho wena, sukuma ulungise izindaba zakho. Uqaphele ungabi yisisulu sosomathuba.
Thokozeeni… Syabonga khehla. Inzima lendaba oythinta namuhla. Okubhlungu ukuthi, lapha ekulapheni kwesiNtu, abanye abelaphi abasenzi kahle. Kudlaliwe kakhulu ngabaNtu abadinga usizo uklungisa izinto zabo zikamoya.