Umlando omfisha ngo Gedla u-Kgotso Sethuntsa

Izinto eziningi zikamoya kwakuthiwa akuxoxwa ngazo esidlangalaleni ngesizathu sokuthi zazigadwe ngama-secret society ase-Afrika. Okubuhlungu wukuthi bona kanye labo baNtu yibona abathengisa ulwazi olungcwele kwabezizwe. AbaNtu abaningi abazi ukuthi abelungu namaNdiya yibona namuhla abaphethe izikhwama zangempela, nokuyizona abazosebenzisayo ukulawula izwe.

AbaNtu abafana noSosobala basetshenziswa kakhulu, bachitha ulwazi oluyingozi kubelungu, bese begqishwa imali… Yingakho nje akwazi ukwakha isitezi eNquthu, wathenga ibhanoyi waphinde wakha ne-private airport.

U-Kgotso Sethuntsa kwakuwuqweqwe logedla olwasetshenziswa abelungu ebuholini obuphezulu be-National Party. Babemnika lonke uhlobo lwemali ongayicabanga. U-Hendrik Verwoerd waqiniswa wuyena, amaJuda i.e. umndeni wakwa-Rupert & Oppenheimer bahluleka bancama ukumsoconga.

Baze bathola ukuthi unenyanga yase-Eastern Cape, igama layo u-Kgotso. Bashona kuye, bephethe isaka elikhulu kakhulu lemali, befuna ukuthi ebatshele ukuthi bengambulala kanjani u-Verwoerd ngoba akabulaleki, futhi sebezwile ukuthi kwenziwe wuye lokho.

Wabatshela u-Kgotso ukuthi ngeke bekwazi ukumubulala, abakhohlwe. Kodwa wuyena kuphela ongenza lokho. Wabe esebaphekela ummese, wabatshela ukuthi yisona kuphela isikhali esizokwazi ukumubulala.

Njengoba konke ke sekusemlandweni ukuthi u-Verwoerd wabulawa ngommese, phakathi ephalamende. Lokhu kwenzeka emumva kwemizamo eminingi eyenzeka, neyehluleka.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Shopping Cart